Answers
Afl2603 Isizulu exam pack
It a pdf documents very useful
[Show more]
Preview 2 out of 12 pages
Uploaded on
September 3, 2019
Number of pages
12
Written in
2018/2019
Type
Answers
Person
Unknown
Institution
University of South Africa (Unisa)
Course
AFL2603 - Literature and Society: a Perspective on African Languages (AFL2603)
All documents for this subject (11)
$5.40
Added
Add to cart
Add to wishlist
100% satisfaction guarantee
Immediately available after payment
Both online and in PDF
No strings attached
AFL2603 EXAM PACK 2018
#MKHULU
-----------------------------------------------------------------------------------
KUXABENE UBENDLE (INOVELI)
Xoxa ngesakhiwo senoveli uchaze ngokulandelana kwezigigaba ezenzekayo.
Izigigaba ziyizehlakalo ezibalulekile ezenzeka emdlalweni. Ukuhleleka kwazo kumele
kucutshungulwe kahle. Kukhona izigigaba ezithathwa njengezinkulu kanti kukhona nezincane.
Zonke izehlakalo endabeni kumele kube khona umsebenzi obonakalayo ezinawo endabeni.
Ukuhleleka kwezehlakalo kumele kulandele isikhathi sokwenzeka kwazo. Isizinda sisho indawo
lapho indaba yenzeka khona kanti isimo senhlalo sichaza impilo ephilwayo kuleyo ndawo.
Ukuqonda isizinda nesimo senhlalo kusiza kakhulu lapho umfundi esehlulela izenzo
zabalingiswa nobuntu babo. Njengasempilweni yemihla ngemihla, umuntu uphila impilo akhule
phansi kwayo. Izimo zempilo aphila phansi kwazo ezenza umuntu abe yilokho ayikho. Inoveli
esiyifunde kulo nyaka yenzeka elokishini laseMlazi.
Indikimba ibaluleke kakhulu ngoba yiyona ehlanganisa indaba ibe yinto eyodwa. Okokuqala
umfundi into afisa ukuyazi ukuthi inoveli iquketheni. Ufisa ukwazi ukuthi inoveli ixoxa ngani.
Kungabe kukhulunywa ngabantu, izilwane, izitshalo, kukhulunywa ngezimpi, ngothando,
ngezamabandla, ngezombusazwe? Uma esekutholile lokhu umfundi ube esefuna ukwazi ukuthi
uyini umyalezo wombhali.
Umbhali uwubhale ngendlela egculisayo umdlalo wakhe mayelana nokukhula kodweshu
emdlalweni usuwonke. Umbhali usebenzise abalingiswa uMfundisi uSokhela kanye noMazibuko
ababanga isikhundla esontweni ukwethula umyalezo wakhe wesimo esidabukisayo. UMfundisi
uSokhela ubhekana nenkinga mayelana netulo elakhiwa uMazibuko nomkakhe uMazikode
ukuze bamketule esikhundleni sakhe sobufundisi sithathwe uMazibuko. UMfundisi Sokhela
uvezwe njengomlingiswa okufanele ukuba umfundisi ngoba uvezwa engagudluki ekukholweni
noma eseze waboshelwa icala angalenzanga, uyaqhubeka nokuthembela kuMvelingqangi.
UMazibuko uvezwa njengomuntu othanda izikhundla, ononya, ozifelayo ngezinkamba zikaFaro
nongenasimilo.
, Mayelana nesizinda uma sibheka isimo senhlalo kuvela ukuhambisana mayelana nokuziphatha
kwabalingiswa. Ngokwendawo lendaba yenzeka endaweni yaselokishini elinabantu abaphila
impilo engafani ngenxa yezimo zomnotho ezingalingani. Isimo senhlalo siveza isimo sobuphofu
nendlala ngenxa yokugqoza kwamathuba emisebenzi. Lesi simo sidalwa izimo zepolitiki
yaseNingizimu Afrika ngenxa yengcindezelo. Isimo sengcindezelo saholela ekukhipheni abantu
abansundu inyumbazana kwezomnotho nakwezepolitiki. Lesi simo sakhela sagxila saze samila
izimpande yingakho nje singasombululeki kalula ngisho emva kwenkululeko. UMazibuko kule
ndaba ushaywa isimo sokungalingani kwezomnotho okwenza naye ahalele ukungena
esikhundleni sikamfundisi uSokhela. Umfundisi uSokhela wabe esephila kamnandi esiphumile
esimeni sokuhlupheka nokuhlala emjondolo.
Ubudlelwano balaba bashadikazi bungobeqiniso ngoba bayabambisana kwabakwenzayo
baphinde bakhulume ngazwi linye. Lokhu kuyagqama kakhulu lapho bebambisana mayelana
nentulo lokuketula umfundisi Sokhela esihlalweni sokuhola ibandla. Lokhu kwaba imfihlo yabo
bobabili, yingakho nje kuvela endabeni ukuthi yize uMazibuko eseziphethe kabi. Kodwa
umkakhe wafela ngaphakathi wangayidalula imfihlo. Ngisho nezinto ayesezenza uMazibuko
ezidicilela phansi isikhundla sakhe nesebandla, akazanga amchaye ebandleni. Akaveli futhi
esabisa umyeni wakhe ngokudalula imfihlo ngenxa yokungaziphathi kahle. Ngisho esenikezwa
ithuba enkonzweni ukuba ahlanze amaqiniso ngentulo abalenza ukuketula umfundisi uSokhela.
Uvezwa emanqikanqika kangangoba uze adedele umyeni wakhe kwaba nguye odalula onke
amaqiniso.
Mfundisi (Nobhala) Mazibuko
Phawula ngokuhambisana okukhona phakathi kwabalingiswa kanye nesizinda, bhekisa
ikakhulukazi kumlingiswa uMazibuko. Nikeza izibonelo ezifanele.
Iyini indikimba? Ngabe umlobi usebenzise kanjani uMazibuko ukusethulela indikimba
yalenoveli?
MaZikode
(i) Phawula ngokuvezwa kukaMaZikode njengomunye wabalingiswa kulelio noveli.
UMazikode uvezwa engumuntu onenhliziyo engaphandle ngokungakwazi ukwamukela isimo
abaphila ngaphansi kwaso. Uphinda avezwe engaqhamuki namasu okuphucula impilo yomuzi
wakhe ngendlela ekahle engadaleli abanye izinkinga. Lokhu kugqama ngesikhathi elekelela
umyeni wakhe mayelana netulo lokuketula umfundisi uSokhela ukuze umyeni wakhe uMazibuko