Summary
Summary Paper 2
Isizulu paper 2 MEMORANDUM umbuzo omude. Nombuzo OMFUSHANE questions and answers.
MEMORANDUM
[Show more]
Preview 4 out of 59 pages
Uploaded on
November 11, 2024
Number of pages
59
Written in
2024/2025
Type
Summary
Institution
Midstream College Secondary School, Midrand
Course
IEB Matric Business Studies
All documents for this subject (10)
$5.37
100% satisfaction guarantee
Immediately available after payment
Both online and in PDF
No strings attached
UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE)
BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya
Xoxa ngempumelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: Izinqumo esizithathayo
ngezimpilo zethu zingaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo
bhekisa kule noveli ethi: Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe ubude
obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390.
Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:
• Ukwethula nokuchaza umyalezo.
• Ukuphendula umbuzo ngokuxoxa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi.
• Ukuveza uvo lwakho mayelana nempumelelo yombhali ekugqamiseni umyalezo
wenoveli.
(Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphu
Impendulo
BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya
Ohlolwayo makaqikelele ukuthi kule noveli kubhekwa indawo, inkathi kanye
nesimo senhlalo okuyizingxenye zesizinda.
Ukuma kwempendulo yombuzo omude:
o Isingeniso: Ohlolwayo makethule abuye achaze isizinda.
o Umzimba: Ohlolwayo makaphendule agxile kokubuziwe.
o Isiphetho sempendulo (uvo lwakho): Ohlolwayo makaveze uvo lwakhe
mayelana nesizinda sale noveli.
ISINGENISO
Isizinda sahlukaniswe izingxenye ezintathu kanje:
• Indawo: Lapha kubhekwa ukuthi indaba yenzeka kuyiphi indawo okungaba
,indawo yasemakhaya noma yasemadolobheni.
• Inkathi: Lapha kubhekwa ukuthi indaba yenzeka ngayiphi inkathi okungaba
inkathi samanje noma yakudala.
• Isimo senhlalo nesezinto: Lapha kubhekwa indlela abalingiswa abaphilisana
ngayo, abenza ngayo izinto nabaziphatha ngayo. Kungaba imithetho, amasiko,
isimo somnotho, esezombangazwe/mbusazwe.
Abahlolwayo bangasebenzisa la maphuzu alandelayo amayelana nesizinda sale
noveli.
UMZIMBA
Indawo:
Indawo kule noveli iyathutha. Indaba yenzeka ezindaweni ezahlukene. Yenzeka
edolobheni laseKapa. Ibuye ithuthe iye edolobheni laseThekwini kanye nasezindaweni
ezilizungezile: uMlazi, eNtuzuma kanye nasemakhaya eGcilima.
o EGcilima:
• Le indawo uMhlengi/Mahlengi azalelwa futhi wakhulela kuyo. Uyise uNgidi
wayesahlala khona yize yena wayengasahlali khona ngenxa yesikole kanye
nomsebenzi. Yilapho atshela khona uyise uNgidi ukuthi uyinkonkoni/uyi-gay.
• Yilapho uNdumisa abamba khona uNgidi inkunzi ukuze athole imali
yokulobola uMahlengi/Mhlengi.
• UNontobeko waya eGcilima eyofuna uMhlengi ngethemba lokuthi
uzomthola ukuze babuye bathandane futhi.
o EThekwini:
• UMhlengi/Mahlengi wayefunda ezikoleni zakhona eVukuzakhe naseML
Sultan Technikon.
• EMlazi naseNtuzuma – izindawo lapho uNgidi kanye noNontobeko
abayakuzo ukuyofuna uMhlengi ngemuva kokuhluleka ukumthola efulethini
,ababegcine ehlala kulo.
• Indawo uMahlengi/Mhlengi ayenefulethi kuyo ngenkathi esesebenza.
• UMahlengi/Mhlengi wayenebhizinisi le-bed and breakfast nelokucwala
izinwele kuyo le ndawo.
EKapa:
• Yilapho uMhlengi aguqula khona ubulili waba owesifazane. Wathatha
umazisi omusha waguqula negama lakhe waba uMahlengi.
Inkathi:
Le ndaba yenzeka enkathini yamanje.
• Abalingiswa abaningi kule ndaba benza izinto ezinhlobonhlobo ezifakazela ukuthi
yenzeka kulesi sikhathi samanje.
• Kukhona abesilisa abathanda abantu bobulili obufana nobabo njengoMhlengi
owagcina ethathe isinqumo sokuthi kungcono aziguqule azenze intombazane.
• Yisikhathi lapho abamnyama abaningi bezimbandakanya futhi bethuthuka
kwezamabhizinisi. Lokhu kufakazelwa ukuthi uXolani unebhizinisi lokuthwala
impahla. UNdumiso ubephila ngokuthola amathenda. UNgidi unamapulazi
aqashe kuwo abantu abamsebenzelayo futhi kukhona nalelo alithengele
uMhlengi.
• Kukhulunywa ngemiqhudelwano emikhulu yomhlaba yezemidlalo njengale Ndebe
yoMhlaba yezi-2010 eyayizoba khona. Kunemiqhudelwano emikhulu yebhola
njengalowo okwakwehlulwe kuwo iqembu le-Orlando Pirates okwagcina kudale
ukuba uNkululeko ashayise uNontobeko ngemoto.
• Abalingiswa abangoXolani, uMahlengi, uNdumiso nabanye bavamile
ukusebenzisa isiNgisi uma bekhuluma.
• Amantombazane ashayela izimoto, njengoNontobeko. Ayabhema, aphuza
utshwala agqoka amabhulukwe njengoMahlengi.
, • Ukuthengwa kokudla notshwala emarestorenti anjengoSomething Fishy nePizza
Hut nokulala emahhotela kwandile. UNontobeko noNgidi bangenisa ehhotela
mhla beyothungatha uMhlengi eBlue Waters. UNdumiso naye uma eyobamba
uNgidi inkunzi wangenisa eParidise Holiday Resort.
• Kunabaseshi abazimele abakwazi ukusiza umuntu athole lowo amfunayo
njengoShezi osize uNgidi noNontobeko ukuba bathole uMhlengi.
• Kulalelwa imisakazo ukwethula ezisematheni njengodaba lobugebengu
obabenziwe uNdumiso. UZakithi wezwa udaba lokubanjwa kukaNgidi inkunzi
kanye nokubulawa kukaNyambose emsakazweni. Lokho kwenza ukuba ashayele
amaphoyisa ucingo, kwase kuba ukuboshwa kukaNdumiso.
Isimo senhlalo/sezinto:
Isimo senhlalo/sezinto siyaguquguquka kule ndaba. (isikhwele, uthando,
ukuzicabangela wena, isibindi, ubugebengu)
• Ekuqaleni kwendaba sithola uMahlengi noXolani izinto zibahambela kahle
bahambela umhlangano wokuthuthukisa amabhizinisi abo.
• UXolani unamaphupho okukhulisa ibhizinisi lakhe ukuze nomkakhe uLungile
ayeke umsebenzi azomelekelela. Isimo siyaguquka emzini kaXolani ngenxa
yokufika kukaMahlengi empilweni yakhe. Uxabana nenkosikazi yakhe ugcina
eseshelwe umuzi nezingane.
• UMahlengi unesoka lakhe elimthandayo uNdumiso. Siyaguquka-ke isimo uma
uMahlengi esebonana noXolani agcina esethandana naye. Lokho kwadala ukuba
uNdumiso abuyele ebugebengwini ayesezitshele ukuthi uphumile kubo.
• UNkululeko izinto zimhambela kahle njengoba ezoshada noNontobeko kodwa
lokho kuyaguquka uma uNontobeko emtshela ngosuku olwandulela elomshado
ukuthi useyahluleka ukuqhubeka ngenxa yokuthanda uMhlengi. UNkululeko
wagcina ezibulele