Umbuzo 1
1. Yini ibizo, nikeza nezibonelo zamabizo. (10)
2. Ngabe lawa mabizo alandelayo ayiluphi ucezu lwenkulumo: (10)
(a) indlela
(b) uNdlela
(c) zontathu
(d) yakhe
(e) yena
3. Ngabe siyini isilandiso? Nikeza izibonelo ezimbili zokusebenza kwesibanjalo
emshweni. Ungathathi izibonelo kumhlahlandlela, ziqambele ezakho. (5)
[25]
Umbuzo 2
1. Nikeza imisho emibili enesivumelwano sikamenzi, bese uyasidwebela lesi
sivumelwano. Imisho akube ngoziqambele yona, ungayithathi kumhlahlandlela.
(6)
2. Yini isiqalo, isiqu nesijobelelo uveze nomsebenzi walezi zakhi engameni? Nikeza
izibonelo. (8)
[14]
Umbuzo 3
1. Bayini omqondofana? Nikeza izibonelo ezimbili ukwesekela impendulo yakho. (5)
2. Yini umehluko phakathi komqondophika kanye nomabizwafane? Sekela
impendulo yakho ngesibonelo esisodwa uhlobo ngalunye. (6)
[11]
ISAMBA: [50]