SIMPHIWE NCWANE INOMBOLO YOMFUNDI: 64388875 ISIFUNDO: AFL2603
AFL2603 ISIZULU
ISIVIVINYO 11
IGAMA: SIMPHIWE NCWANE
INOMBOLO EYEHLUKILE: 670346
INOMBOLO YOMFUNDI: 64388875
2021
,SIMPHIWE NCWANE INOMBOLO YOMFUNDI: 64388875 ISIFUNDO: AFL2603
UMBUZO 1
Amathonsi Abanzi: M.M. Ndlovu
a) UZongile Nkomo
Umbhali usivezela uZongile njengomlingiswa olikhathalele ikusasa lakhe, ofisa ukuphumelela njengoba
efuna umsebenzi emva kokuphothula iziqu ze-BA eNyuvesi yasongoye. uZongile uyintombi ephuma
emakhaya endaweni yaseMakhabeleni ebikade inesimilo esihle futhi elilandelayo igama layo njengoba
uzewaphothula izifundo zakhe enyuvesi inkomo kamama isaphelele futhi ubesahamba umkhosi
womhlanga. uZongile unenkani wena owabona isele lingafuni kuphuma endlini njengoba ekushaya
indiva lokhu okushiwo ubaba wakhe uNkomo ongafuni ayofuna umsebenzi, ngisho noma uMaNgwenya
esemukhuza.
uZongile uvezwe njengomlingiswa othandayo ukufunda, ozimisele ngempilo, njengoba waze wavuma
ukugana uMaqhinga ngoba encenge ukuqhuba izifundo zakhe, lokhu kwadala ukuthi abenamaphupho
okuyosebenza. Ungumlingiswa ongenza nomayini ukuze afeze amaphupho nezifiso zakhe, ngoba
umbhali uyasivezela ehamba efuna imali edingakalayo ukuze akwazi ukuthola umsebenzi. Uthe
mayebona ukuthi imali ayihlangani, wabe esecela umngani wakhe uPumla ukuba amusize
ngokumncengela kumzala wakhe ukuthi amukhulumele no-Director, okuyena odinga lesamba semali.
uPhumla ube esemcebisa ngokuba aze edolobheni lapho ezohlangan khona no-Director ukuze
embikele ngenkinga abhekene nayo yokungayitholi imali yokugwazwa, awu nangempela uZongile wabe
eselibhekise eMaritzburg. Uthe uZongile mehlangana no-Director uNyoka, wazithola esephisana
ngenkomo kaMaNgwenya – konke lokhu uZongile ukwenza ngoba edinga umsebenzi, ufuna kufeza
amaphupho wakhe, efisa ukushitsha isimo sasekhaya kubo. Izenzo zaZongile zimveza njengomuntu
ongenza nomayini ukuze azuze lokho akudingayo.
1|Page
, SIMPHIWE NCWANE INOMBOLO YOMFUNDI: 64388875 ISIFUNDO: AFL2603
uZola Nyoka
uNyoka uvezwe ngengomlingiswa ongathembakali, oyisigebengu nowayehlupha ngenkathi esakhula,
ewugalakajane ngoba ababehamba naye bagcina ngokuboshwa yena waqhubeka nempilo. Yingakho
nje nezinye iziqu wayezithole ngomgunyathi kwazise phela wayenobugebengu bokuthenga iziqu.
uNyoka uvezwe njengomlingiswa ononya, obukela phansi abanye abantu abadinga usizo, usebenzisa
isikhundla sakhe esiphezulu ukugwazisa abantu abadinga umsebenzi emnyangweni awuphethe,
aphinde agwazise ngokoncansi kubantu besifazane abangenayo imali yokugwaza.
uNyoka uyalilandela igama lakhe, impela uyinyoka ngoba nakhuphela esephendukela uZongile – wena
owabona utshwala buphendukile umuntu esiswini – obekade emuthembise umsebenzi emnyangweni
awuphethe. Ngamanye amazwi wayengumuntu wenkohlakalo ngoba nasemsebenzini wagcina
exoshiwe ngenxa yayo inkonhlakalo.
uNyoka wayeyalele uZongile noPhumla ukuba bakhokhe imali ukuze bethole umsebenzi. Uthe
mayebona ukuba uZongile akanayo imali wabe esemzela ngeqinga lokulalanaye njengoba wambizela
egumbini elincane lapho wamtshela khona ukuba uzothumela abakhongi kwaNkomo ngoba
uyamuthanda.
Konke lokhu uNyoka ukusho ngoba efuna ukuthatha inkomo kaMaNgwenya ayingoba emthanda
okweqiniso. Lesisenzo sikaNyoka simveza njengomlingiswa ongathembakali, osebenzisa isikhundla
sakhe ukuthola akufunayo. Ungumuntu onesikwele ngoba kuthelapho eseyithathile inkomo
kaMaNgwenya, waba nesikwele ngoZongile wafuna abeseduze kwakhe ngasosonke isikhathi.
2|Page